Tuesday 29 November 2016

Umcabango ngomhlaba nabesifazane

I realized that umhlaba mubi when a friend said "asingalwi nabelungu namhlanje" as we were meeting up. Inkinga kwakungesiwo amazwi akhe, kodwa isimo sempilo abantu abamnyama abaphila ngaphansi kwaso eNingizimu Afrika entsha. What my friend was saying is that he had enough of confronting racism each time we went out. Phela standing up to racism on a daily basis is exhausting. Ngiyakutshela wena, abelungu abezwa mshini. Uma uveza ukuthi banobandlululo ungazithola sewugcine uxolisile ngenxa yokuveza lokhu. 

Lokhu singakufanisa nabantu besifazane, ikakhulu laba ababizwa ngamafeminist. Bahlala besikhumbuza ukuthi abesifazane basacindezeleke kanjani kodwa asifuni ukubezwa, ngoba asifuni ukushintsha. I once wrote an article on how the biggest beneficiaries of virginity testing were men. In this article I tried to highlight how the justification of such practices happened within a patriarchal framing of society. Ingcindezi abantu besifazane abangaphansi kwayo emakhaya, emisebenzini, kuma-relationship abo kanye nabesilisa, emphakathini wonkana, engalweni yomthetho; yenza babenolaka. Ulaka lwabo silushaya indiva ngoba sithi banesicefe, sithi ba-emotional. Siyahluleka ukubezwa uma bekhala. We get caught up in tone-policicing that we don't hear what they are raising. Lalela, ayikho indlela enhle yokufa. Uma ubhekene nokufa wenza noma yini ukuze ukugweme. When you are dying you do anything to keep your life. The same logic can be be applied in understanding Black women's experiences and expressions in present day South Africa. 

Lokhu kusho ukuthini? 

Akufanele ukuthi siyeke ukulwa nobandlululo. The fight to do away with white supremacy must be continued vigorously. We cannot allow ourselves to internalize the inhumane behavior we receive ezandleni zabamhlophe. Lokhu kusenza siphathe abesifazane ngesihluku esifana naleso abelungu abasiphethe ngaso. Asiyeke ukudicilela phansi izinhlangano zabantu besifazane ezifana nefeminist movement, ngoba uma senza njalo, sizibuyisela emuva. Kufanele sikhumbule ukuthi uma sifuna inkululeko then we should all be black feminists.

Abantu besifazane abamnyama kufanele sibadedele kube yibona abasitshengisa indlela eya enkululekweni, njengoba benza ngama-1950s. Kufanele amaphimbo abo kube iwona alalelwayo ukuze noma ikuphi esikwenzayo okuyimizamo yenkululeko, sikwenze ngendlela ezokwenza lonke ilunga lo mphakathi lihlomule ngokulinganayo ezinhlelweni zokuletha ushintsho nentuthuko. Black women are the best people to lead the fight against racism and sexism, because they are the most affected group. We must follow their lead if we are to win this fight. Any efforts of leading society towards emancipation that does not embody the needs of Black women are counter-revolutionary.

Yebo, umhlaba mubi. Kodwa akupheli lapho. Thina esiphilayo sinenselelo ukuthi mhla sifa, sife ikhona indima noma igalelo esibenalo ekwenzeni ukuthi umhlaba ube indawo engcono.